Ezokokungcebeleka

Uwuqale ena-12 umculo osezakhele udumo

OSEZAKHELE udumo esebenza nezinkakha zabaculi endimeni kaqedisizungu, wangena emculweni eneminyaka engu-12.

UDopeflop ongumculi weHip hop nodabuka eThokoza,  uthe waba nothando lomculo kusuka esemncane waze waqala wawubhala.

Ngo-2021 uthe ukwaze ukuvula inkampani yakhe yomculo iDopeflop Music (PTY) LTD.

Ukuzinikela kwakhe uthe kumsondeze kubaculi abanegama, abanye aseke washiyelana nabo isteji kanti abanye ugcine ekwaze ukusebenza nabo.

Aseke washiyelana nabo isteji singabala oJub Jub, Aubrey Qwana, Big Zulu, Young Stunna, Touchline, Xowla, Stilo Magolide,Taminology , Mduduzi Ncube, Lwah Ndlunkulu, Rashid Kay onguPhrojusa kwiMetro FM, ophinde abe ngomunye wabasunguli bamaSA HipHop Awards neBack To The City Festival ayihlelayo.

Umculo wakhe uthe ugxile kakhulu entsheni kodwa awubavaleli ngaphandle nabadala.

Uphinde waveza ukuthi akagcini ngeHip hop kodwa uyayenza neminye iminxa yomculo okukhona kuyona i-Afro Tech, RnB, Kwaito, Amapiano, House, noWokholo.

Kwaseke wasebenza nabo singabala uMusiholiQ, Stilo Magolide, Hidden Force, Sbu weGhetto Lingo noRashid.

Umculo wakhe uDopeflop udlalwa naseziteshini zomsakazo ezinkulu okuyiMetroFM, YFM, Thobela FM, Gagasi FM, Tru FM kanti usuke wadlalwa nakwiThobelaFMTop30, GagasiFM HipHop Top 10, TruFM Top 5 kanti namaVideo ezingoma zakhe ahlale ebonakala eziteshini zethelevishini njenge Channel O, MTV Base neTrace.

Njengamanje unenkontileka neSheer  Publishing esayine abaculi oKwesta, K.O, Cassper Nyovest nabanye.

KuTiktok umculo wakhe wenza kahle njengoba akwazi ukuba namaViews angu-1 million ngengoma yakhe iSiyabangen.

Ezinye izingoma zakhe ezidumile singabala iRiseUp apike kuyona iHiddenForce, iVIBE engenye yezingoma ezivamise ukudlala kwiMetroFM, YFM, BushRadio kanti iVideo yayo ivamise ukubonakala  kwiTraceAfrica ,MTVBase neChannelO.

Enye ingoma yakhe iMatasa upike kuyona MusiholiQ  ongomunye wabaculi abanegama nosesebenze nezinkakha oBig Zulu,Cassper

Ezinye izingoma asanda kuzikhipha iMeddie Ye Super ne-Oledi.