Ingwazi yomculo wokholo ilaxaze iSpirit of Praise
KUSHAQEKE abaningi uma ingwazi yomculo wokholo imemezela ukulaxa iSpirit Of Praise ebiyilungu eliqavile kulona.
UMfundisi Benjamin Dube, udalule ukushiya kuleli qembu useshiya phansi kuleli qembu.
Leli yiqembu levangeli elidumile alisiza ukuba laduma emhlabeni wonke.
Isitatimende asikhiphe namuhla ngoMsombuluko uthe, “Ngemva kokukhuleka, ukucabangisisa kanye nokuba nezingxoxo eziningi nababambe iqhaza ababalulekile, uMfundisi Benjamin Dube ufisa ukumemezela ngokusemthethweni ukushiya kwakhe kwi-Spirit of Praise Collective.”
Isitatimende siqhuba sithi lesi sinqumo asithathwanga kalula njengoba iSpirit of Praise besingxenye ebalulekile empilweni lukaMfundisi uDube iminyaka eminingi.
Ukusebenza kwabo ndawonye kuye kwathinta izimpilo zabaningi.
Kuyinto eyaziwayo ukuthi leli qembu lo mculo libalwa nadume kakhulu kuleli.
Phakathi kwezingoma ezidumile zaleli qembu kubalwa lapho uDube ecula izingoma ezinjengo ‘Lonile Ibandla’ nethi ‘Elshadai Medley’.
ISpirit of Praise sasungulwa ngo-2008 kanti libalwa nawokholo aphumelele ngenxa yomculo onenkosi phakathi.
Leli qembu like lasebenza nezinkakha ezifana nomculi wokholo uDumi Mkostad.
Njengoba esephuma kwiSpirit of Praise, uDube usezogxila ekufukuleni abaculi abasafufusa nokuqhuba ivangeli ngezindlela ezahlukene.
manje UDube ucashunwe ethi usefuna ukugxila ekukhuliseni igama lakhe nasekusabalaliseni ivangel.
Njengoba engumculi onamava noseyibambe ishisha iminyaka kubukeka kuzohlomula abaningi ngezimfundiso zakhe ikakhuukazi labo abasebasha embonini yomculo.
UDube esebonga abanikazi baleli qembu neSpirit of Praise Music, u-Aubrey Peacock noMatthew Nkabinde
