Izindaba

I-ANC ifuna athathelwe izinyathelo umsebenzi kamasipala weTheku

I-ANC esifundeni iTheku  ifuna athathele izinyathelo umsebenzi kamasipala weTheku okuthiwa ubonakale ethutha alandeli boMkhonto WesiZwe ngemoto kamasipala.

Ngokombiko weKZN Tonight Podcast, kuthiwa izolo kuomsebenzi kamasipala weTheku okubikwa ukuthi ubonakale egibelise abalandeli beMK Party beyovota ngesikhathi sokhetho lokuchibiyela laku-ward 64.


Ngenxa yalesi zinsolo, i-ANC ifuna  iMenenja yeTheku uMusa Mbhele athathe izinyathelo lo msebenzi ngokushesha.


Iqembu elibusayo langaphambili lithi ukuxhashazwa kwezinsiza zomphakathi akwamukelekile,i akukho emthethweni, futhi kubukela phansi umgomo womsebenzi womphakathi ongathathi hlangothi nochwepheshe.


Kulolu khetho lukuchibiyela kokubili i-ANC ne-MK Party bahlulwe yi-DA.