I-Iran isimemezele umholi omusha
INDODANA yomholi osanda kjudlula emhlabeni e-Iran imenyezelwe njengomholi omusha.
UMotjaba Khamenei (56) umenyezelwe yisigungu sobuholi kuleli lizwe kulandela ukusocongwa kukayise u-Ayatollah Ali Khamenei (86).
UKhamenei omdala usocongwe ngeledlule ngabombutho wezempi wase-USA ubambisene nowakwa-Israel. Kulesi sehlakalo kwaphinda kwashona amalungu omndeni wakwaKhamenei okubalwa umzukulu, indodana kanye nonkosikazi wakhe.
Nakuba kunjalo, uNgqongqoshe wezeMpi e-USA uPete Hegseth uthi akusibo abasoconga lomholi kanye nabafundi bamantombazanyana ababesesikoleni abangu-165.
Nakuba esho kanje uHegseth kodwa isikhali esihlonzwa njengesadala umonakalo singesase-USA kuphela.
Ukumenyezelwa komholi omusha kuza ngesikhathi i-Iran ibambene ngezihluthu nezwe lakwa Israel elesekwa i-USA.
