Ezokokungcebeleka

Indlovukazi kasomahlaya ibumbe i-Afrika ngomcimbi wamahlaya

IPHENDUKE ihlaya indaba yokuxoshwa abokufika abangene eNingizimu Afrika ngokungemthetho emcimbini wamahlaya i-3460 International Comedy Festival.


Le ngqophamlandlo ibihlelwe yintandokazi kasomahlaya waKwaMashu uThenjiwe Mosley kanti idonse izinsuku ezimbili eThekwini ngempelasonto.


Emcimbini obuseBat Centre ngoLwesihlanu ebusuku bekuboshelwe osomahlaya basemazweni angaphandle kwakuleli abashiye izisu zezithameli zibuhlungu. 


Kuhlekiswe ngendlela abaseNigeria abanenkani ngayo, nangobugebengu okuthiwa bayabenza njengokuzenzela omazisi.


UMasapo waseLesotho uhlekise abantu ebatshela ukuthi uma kunomkhankaso we-Operation Dudula yena uvele axebuke ezifikini ahaye amahubo aKwaZulu. 


Uhlekise nangosayizi bezinyawo zikadadewabo athe zinde. 


Uthe uvele abeke izicathulo zakhe emnyango kube sengathi ngezikayise bese kuxosheka intombi yakhe esuke izomvakashela.


UThapelo Malani waseBotswana ongaboni emehlweni uzinameke ezinhliziyweni zabaningi enza amahlaya ngokudalwa kwakhe engaboni. 


Intokazi yaseZambia uGabbi ithathe amehlo abaningi, ikakhulukazi abesilisa, ngamahlaya abegxile ocansini. 

Abanye osomahlaya abenze into yamehlo uMdura waseSwatini, uChingliz waseZambia, uCarvin Goldstone waseNewlands East noTT Phasha no

Nonto R.UThenjiwe uthe ngalo mcimbi ubehlose ukugqugquzela amavukana ukuthi azethembe futhi akhule afike ezingeni njengoba naye esengusomahlaya odumile eBritain nakoCanada. 


Uklomelise izinsizwa zakwaMashu Salad noGap ngendondo ngenxa yekhono abalikhombisile.Â