Isililo kushona inkakha yesibhakela uGeorge Foreman
SEKUYENELE ukufa ingwazi eyaduma ngokushaya isibhakela esinenkosi phakathi uGeorge Foreman wase-USA.
UForeman obeteketiswa ngelePunching Preacher, ushone eneminyaka engu-76, kuzosa kube inamuhla.
UForeman, ubengumpetha wesibhakela somhlaba se-heavyweight amahlandla amabili kanye nendondo yegolide yama-Olympic
U-Foreman, owazakhela igama ngokunqoba kwakhe izimpi eziningi okubalwa kuzoba nezimbili ezaba mqoka kakhulu. Kulezo zimpi kubalwa eyayibizwa nge “Rumble in the Jungle” ebhekene no-Muhammad Ali.
Le nkakha ilwe yaze yangumpetha osekhulile kwi-heavyweight ngemuva kokuphinda athathe isicoco ngesikhathi isineminyaka engu-45 ubudala.
Udumo lwakhe lubuye lwabonakala nangaphandle komdlalo wamankomane njengoba ebe ngomunye wosomabhizinisi abahlonishwayo.
Lokhu kube ngenxa yebhizinisi lakhe iGeorge Foreman Grill nedume ngenxa yezikhangiso zakhe enza ukuthi okuchochobalisiwe kodwa okunempilo.
Ukuhamba emhlabeni kwaleli qhawe, kugqeme olungeqiwa ntwala indima yezemidlalo emhlabeni jikelele.
Selokhu kumenyezelwe lezi zindaba, amazwi enduduzo alokhu engenile evela kwabanye ozakwabo nabanye abahlonipha amagalelo akhe.
Phakathi kwalabo abakhale ngokudlula emhlabeni kukaForeman kubalwa uMike Tyson. noAmanda Serrano.
UForeman ushiye emhlabeni unkosikazi nezingane ezingu-11.
