Izindaba

Itwetwe ngamahlebezi okususwa kwamathuna

SESIFAKE uvalo nentukuthelo emphakathini waseDanhauser namaphethelo isazizo sesicelo sokususwa kwamathuna abantu bendawo.


Kulezi zinsuku kusabalele amapheshana azisa amalungu omphakathi akhele kulezi zindawo ukuthi kunenkampani ebambisene nabangcwabi bendawo abahlose ukufaka isicelo sokususwa kwamathuna.

Ngokombhalo okulamapheshana asabalele, lesi sicelo sifuna igunya lokumba nokususa amathuna nezinsalela zabangasekho emathuneni okugcwatshwe kuwona.


Uma sekwenziwe lokho kuyobe sekuthathwa okuzotholakala kulawo mathuna kuyofihlwa kabusha nendaweni engagagulwanga igama.


Lesi sicelo siphinde siveze ukuthi amathuna azothinteka angaphakathi koMasipala wendawo waseDannhauser esifundazweni saKwaZulu-Natali.”

Amathuna azokhishwa lapho engcwatshwe khona bese abekwa kabusha kwenye indaweni entsha. “Bonke abantu nemiphakathi abathintekayo, izizukulwane zalabo abangcwatshiwe nemiphakathi ethintekayo ngokwesiko.


” Noma yimuphi umuntu noma yimiphi imiphakathi enentshisekelo ngala mathuna bayamenywa ukuba babambe iqhaza kulenqubo,” kusho umbhalo.


Lolu udaba oluqhubekayo.