Kubongwe iqhaza lowe-IFP kowesibhakela
KUNCONYWE iqhaza lesikhulu esiqavile se-IFP uDkt Andile Biyela (osesithombeni) ngokusiza ngamatekisi athuthe abantu basezindaweni zasemakhaya naselokishini eMandeni bayobuka isibhakela eSibusisiwe Hall ngoMgqibelo esiphuma kuwo.
Kulo mqhudelwano, obengowokuqala uhlelwa uDkt Nompumelelo Nkosi-Ntombela kule ndawo, bekugcwele phama, abantu becula beqhuma phezulu bekhombisa ukuthakasela ukubona isibhakela esiqhwiza umentshisi eringini.
Lo phromotha wesifazane ofikayo kulo mkhakha onzima uncome uDkt Biyela ngokukhokhela inqwaba yamatekisi athuthe abathandi bezemidlalo.
“Njengoba ubona nje kugcwele kumnandi kanjena ingenxa yomusa kaDkt Biyela.
” Ukugcwala kwabantu kukhuthaze abashayisibhakela abangene eringini sebegqugquzelekile. Sengathi nangokuzayo uDkt Biyela engafaka futhi esivivaneni,” kusho uDkt Nkosi-Ntombela.
Abantu abagcwalise ihholo kuthiwa bebeqhamuka eThulas, Dokodweni kwaSithebe, Chappies, Skhalambazo.
UDkt Biyela, oyiLungu lesiShayamthetho eMgungundlovu noseke waqokwa njengemeneja ezikhundleni komasipala Umtubatuba, iNkandla nasoLundi, akatholakalanga ukuziphawulela.
Nokho uqweqwe lomqeqeshi u-Alson Nkosi uthe lesi sikhulu asithandi ukugqama ngemisebenzi yalo kodwa siwumuntu oyikhathalele intuthuko nezemidlalo.
Lo mqhudelwano kusaphuzwa itiye ngawo kweminye imizi, ezinkundleni zokuxhumana nasematshwaleni imbala ngenxa yokuhleleka kahle kwayo.
Imeneja yeBoxing South Africa e-KZN uMike Dube ithe. “Kube kuhle ukubona abantu baseMandeni bejabulela isibhakela ekade basigcina.
” Uma uDkt Nompumelelo engathola ukwesekwa ngokwanele, kukhulu asazokwenzela iLembe namaphethelo.”

