Izindaba

Kusolwa uphuzo lukayise womfana ogingqe imoto

KUSHONE umfana omncane obeshayela imoto kayise okukholakala ukuthi ubecwile kwezikaFaro.


Kule ngozi yemoto egingqike emgwaqeni uM25 KwaMashu, kushone umfana (14) obeshayela imoto kayise namuhla ngeSonto ntambama.

Umbiko wezokuphepha  iReaction Unit South Africa (RUSA) babizwe basabela ngokushesha endaweni yesehlakalo kulandela ukugingqika kabi kwemoto iToyota Corolla Quest.

IRUSA ibike ukuthi le moto eluhlaza okwesibhakabhaka igingqike izikhathi eziningi. 

Kuthiwa lo mfana ubeshayela imoto emzileni oya empumalanga lapho ehluleke ukuyilawula ejikeni maqede yaphuma emgwaqe yajika yaya onqenqemeni olungakwesokudla ngaphambi kokugingqika.

AbeRUSA babike ukuthi uyise womfana wayengumgibeli emotweni ngesikhathi sesigameko, ubedakwe utshwala nokuyikhona okuholela ekutheni ingane ishayele imoto.

Abezimo eziphuthumayo bahlole abebengaphakathi emotweni nokuyilapho kuvele khona ukuthi umfana ushonekhona endaweni yesehlakalo.

Ubaba kamufi unikezelwe emaphoyiseni ukuze kwenziwe uphenyo.