Libagojele ababulala uthisha waseSikhethuxolo
INKANTOLO eNkulu yaseMgungundlovu ibalahle ngecala abesilisa ababili abebebhekene necala lokusoconga uthishanhloko wesikole ISikhethuxolo High eMpumalanga Township eHammarsdale.
UBusani Khomo (57) wadutshulwa ngosuku lokuvalwa kwezikole ngoDecember 5, 2024.
Abalahlwe yileli cala uSibonelo “Bhongo” Sibiwa nobhululu wakhe uMabhiza Dube.
Inkantolo izwe ukuthi laba bobabili bake bafunda kusona lesi sikole ngaphansi kwesandla sikamufi.
Nakuba belahlwe yicala lokubulala ngenhloso laba kodwa indaba enkulu wukuthi akuveli ukuthi babethunywe ngubani ukusoconga uKhomo.
UKhomo wazakhela ugazi ekufundiseni kusukela esikoleni iLuthayo High nokuyilapho kwagqama khona uthando nesineke abenaso kulo mkhakha.
Ubaziwa ngokuzifela nge-ANC nenyonyana yothisha iSADTU abeyilungu layo lokuqina.
Ukudlula kwakhe emhlabeni kwakhalisa umphakathi wakule ndawo obumhlonipha ngenxa yamagalelo akhe.
