Izindaba

Kuzobashubela abasabalalisa imilayezo ekhuthaza udlame kuWhatsApp

BANGASE bazithole besenkingeni abantu abathumela, basabalalise noma abadlulisa imilayezo ekhuthaza ubudlova nodlame ezinkundleni zokuxhumana.


Lokhu kuza njengoba amaphoyisa aKwaZulu-Natal esekhiphe isexwayiso esishubile kwabenza lokhu.


Amaphoyisa akhumbuze umphakathi ukuba uqaphele isiGaba 14 soMthetho woBugebengu be-Cyber, uMthetho No. 19 ka-2020, othi noma yimuphi umuntu owenza lokhu eqenjini  elisezinkundeni zokuxhumana ngenhloso yokugqugquzela udlame angatholakala enecala.”

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asebenzise ngempumelelo lesi sigaba soMthetho ukumangalela uPhilani Ronnie Gumede, owayeyilungu le-Operation Dudula ngoMashi 2022.


Ngemuva kokusabalalisa izwi elikhuthaza ukuxoshwa kwabantu bakwamanye amazwe eThekwini, ukungena ezitolo zabo, ezindaweni zokucwala izinwele nasezindaweni zabo zokusebenza, inkantolo yamthola enecala futhi yagwetshwa inhlawulo engu-R10 000 noma iminyaka emithathu ejele,” kusho isitatimende samaphoyisa.