Izindaba

Ibhekwe ngabomvu inhlangano entsha yamakhosi

IBHEKWE ngabomvu inhlangano yabaholi bendabuko ezoncintisana ne-CONTRALESA  ezokwethulwa eThekwini namuhla.

Le nhlangano izobizwa ngokuthi i-South African Traditional Leaders Organisation (SATLO).

Umsunguli wayo kanye noNobhala Jikelele wesikhashana yiNkosi uThanduyise Mzimela (osesithombeni), indodana yeNkosi uMpiyezintombi Mzimela ongasekho owayeyilungu le-IFP kanye nelungu lePhalamende.

Inhloso enkulu yalenhlangano wukunika ithuba lokuncintisana neCONTRALESA okwaziwayo ukuthi idla ebhodweni linye ne-ANC.

i-SATLO kulindeleke ukuthi ihehe iningi lobuholi bendabuko njengoba kwaziwa ukuthi umsunguli wayo ungumuntu onogazi ebuholini bendabuko ikakhulukazi KwaZulu-Natal.