Izindaba

Kuboshwe impunyela yaseThekwini ngamacala amabi

AMAPHOYISA asebophe usomabhizinisi waseThekwini ngamacala okushushumbisa abantu kanye nokuthumba.

Igama lomsolwa livele kuKhomishini kaMadlanga kanye neKomidi Lesikhashana LePhalamende.

Lo msebenzi wenziwe ngoLwesibili yithimba lezikhulu, eliholwa oKlebe KwaZulu-Natal.

Ngokombiko osavele, amaphoyisa agasele emzini walempunyela osendaweni yomtakabani eMhlanga futhi abehlome ngencwadi egunyaza ukuba aboshwe ebizwa nge-J50.

Umsolwa oboshwe ngale kokulwisana namaphoyisa, waboshwa ubusuku bonke kusukela izolo.Kulindeleke ukuba avele phambi kwenkantolo eThekwini.