Kuboshwe owesifazane odayisa ngamathambo abantu
AMAPHOYISA abophe owesifazane osolwa ngoba nebhizinisi elivuthayo lokudayisa amathambo abantu.
UKymberlee Schopper (52) ubekwe icala lokuhweba ngezicubu zomuntu, ngokusho kweFox 35.
Lo wesifazane waseFlorida e-United States of America (USA) usolwa ngokudayisa kanye nokuthenga amathambo abantu okuhlanganisa namanye ngemali ephansi engu-$35 (R659),
Amaphoyisa ase-Orange City, eFlorida, athi uSchopper uthenge futhi wathengisa amathambo abantu emakethe ye-Facebook.
Iziphathimandla zithole umbiko ngoDisemba 21, 2023, mayelana nebhizinisi elithengisa izinsalela nge-akhawunti yalo yezokuxhumana.
Konke lokhu bekwenzeka ekhasini likaFacebook elibizwa “Wicked Wonderland” futhi lise-Orange City.
Abaphenyi bathi bathole izinsalela zomuntu ezidayiswayo.Â
Phakathi kwezinye zezinto abezidayisa lo wesifazane okuhlanganisa izingxenye ezimbili zogebhezi luka-$90 (R1,698), i-clavicle nescapula kubiza $90 (R1,698).
Ubambo lulunye belubiza u-$35 (659) kanti ikhombo yomgogodla nogebhezi lwekhanda lomuntu ngo-$600 (R11,326), ngokusho kombiko.
Ngemuva kokuqoqa umbiko amaphoyisa anikele esitolo.
Ngesikhathi efika esitolo aphenye omunye wabanikazi othe bebengazi ukuthi akukho emthethweni ukudayisa izidumbu zabantu namathambo abo.
“Uqinisekisile ukuthi isitolo sinezicucu eziningi namathambo abantu. Zonke ezithengwe kubathengisi abazimele.”
Uqhube wathi unazo izincwadi zalokhu kuthenga kodwa wangakwazi ukukunikeza ngaleso sikhathi,” kusho incwadi efungelwe yokuboshwa etholwe ngabakwaFox 34.Â
“Wachaza amathambo njengezinsalela zomuntu zangempela futhi ezithambile ngokwemvelo.”
Amaphoyisa athi amanye amathambo atholakele kungenzeka ukuthi atholwe yimvuthuluka.Â
Kuvele ukuthi amanye abeseneminyaka engaphezu kweyikhulu kanti amanye eneminyaka engaphezu kuka-500.
USchopper waboshwa wadedelwa ngebheyili.
