Izindaba

Liyangena icala lababopha uMkhonto weSizwe Party

LIYANGENA kusasa icala lokuxoshwa kwabebengamalungu okuqina oMkhoto weSizwe Party eGauteng High Court.


Indodakazi yomholi waleli qembu uDuduzile Zuma-Sambudla kanye nowangumkhulumeli walo uNhlamulo Ndhlela babopha iMK ngabakubiza ngokuxoshwa ngendlela engafanele.


Laba bobabili baveza ukuthi bazothatha lezi zinyathelo kwisithangamu sabezindaba ezinsukwini ezedlule nokuyilapho baveza khona ukuthi kunemithatho eyephulwa nengalandelwanga ngesikhathi bexoshwa.


Baveza nokuthi abanikwanga nagunya lokuziphendulela.

Ukuxoshwa kwalaba bobabili kwamanyezelwa unobhala jikelele weMK Party uSbonelo Nomvalo phambi kwabezindaba kanti uDuduzile wayevele esebike ukuthi ushiywa yigazi kulandela ukuzwa amahlebezi okuthi angahle axoshwe.