Ezokokungcebeleka

Lizocokama izinga kowamahlaya eThekwini

ISILOMO sikasomahlaya sihlele ingqophamlando yomcimbi wamahlaya obizwa nge-4360 International Comedy Festival eThekwini.

UThenjiwe Mosley waKwaMashu kodwa ozinze e-United Kingdom (UK) kubhekwe aqophe umlando ngalomcimbi omilenze mithathu noqala kusasa ngoLwesine.

Umlenze wokuqala walo mcimbi obizwa nge-Battle of the Funniest (Street Edition) ezokuba seWorkshop Amphitheatre kusukela ngo-9am kuze kube ihoral lesibili ntambama.

Lesi sigaba sizolandelwa ngesesibili eDropkick Murphy’s, 219 Florida Road, kuWindermere.

Lapha-ke iDurban Comedy Club neNot Quite Right Comedy, bazobe bebonisa izihambeli ukuthi ikuphi okukhulu abangakulindela ngobusuku bokuvala lolu chungechunge lwamahlaya.

Kungenwa ngo-R60 emnyango.

Lizocokama izinga ngoLwesihlanu eBat Centre lapho osomahlaya base-Africa bazobe bedlana imilala nabase-Europe kusukela ngo-7 ebusuku kuze kushaye u-11.

Phakathi kosomahlaya ekulindeleke bahlekise abantu kuze kube buhlungu izisu kunoCarvin H Goldstone, uTshireletso Phasha, uNonto R baseNingizimu Afrika, kube nabaseZambia oSmoke (Kayumba Simunhwenze), Chingliz (Hubert Mumba), GC (Ginnethon Shandele), uMduduzi “Mdura” Dlamini (eSwatini), uLawrence Ssuna (Uganda), uTshepo Mpiti (Lesotho)noThapelo Malani (Botswana.).

Kuyo yonke le micimbi uThenjiwe uzobe ezibambele mathupha uhlelo, ebuye ededela awakhe.

Umeme bonke abathandi bamahlaya baphume ngobuningi babo ngoba angeke bazisole ngesikhathi sabo.