Izindaba

Uthembisa ukunqoba okhethweni lokuchibiyela uMkhonto weSizwe

NAKUBA iqembu lezo mbusazwe uMkhonto weSizwe Party (MKP)  linezinkinga zangaphakathi kodwa zibukeka zingeke zilivimbe emizamweni yalo yokunqoba okhethweni lokuchibiyela olungoLwesithathu. 


Lokhu kuhlale obala njengoba umholi walo uMnuz Jacob Zuma kade ephelezelwe yizikhulu zikazwelonke. 


Phakathi kwazo bekungamu oKhomanda Ophakeme Kazwelonke, kanye namaviyo esifundazwe nawesifunda saKwaZulu-Natal beyokhankasa kuWadi 28, eShakaskraal, KwaDukuza izolo.


Bebekhankasela ukhetho lokuchibiyela olubhekwe ngabomvu njengoba kwesula ikhansela elelibambe phambilini.


IMK ifolosa ngoMnuz Vishnugopal Govender. Uzobe ebhekene noMnuz Mzukisi Mabengu we-IFP, uNksz Lucia New Mlondo we-ANC noMnuz Gibson Sikhosiphi Mbuthu we-EFF.


Bekuyisimo esithi asifane nasoPhongolo njengoba uMnuz Willies Mchunu ebeyibambe khona ehambisana nozakwabo. 


Nakule ndawo ukhetho lokuchibiyela luzoba ngoLwesithathu. IMKP izobe imelwe wuCelimpilo Donald Mavuso.

Uzobhekana noMnuz Bhekinkosi Welcome Ndlangamandla we-IFP, uMnuz Welcome Ntokozo Radebe we-ANC, uMnuz Phakamani Zwelakhe Msibi of the EFF noMnuz Ndumiso Zwane weNational People’s Front (NAPF)

.Kukhethwa nje kungenxa yokudlula emhlabeni kwekhansela lendawo uMnuz Mthokozeni Gedion Dlangamadla ekuqaleni kwalonyaka


UMchunu ucashunwe kwi-iol ethembisa ukuthi bazokulwela ukuthi kube nobumbano njengoba ekholwa wukuthi ukungabumbani kwenzela phansi iqembu,