UTrump usongela usomahlaya omngconile
UMENGAMELI wase-United States of America uDonald Trump ukhwele wadilika kusomahlaya waseNingizimu Afrika uTrevor Noah, kulandela ihlaya elenze ngesikhathi se-Grammy Awards ka-2026.
UTrump uphinde wasonga ngokuthi uzomthathela izinyathelo uNoah ngenxa yehlaya alenzile.
UTrump uveze lokhu enkundleni yakhe i-Truth Social nokuyilapho inkulumo eyihlaya kaNoah kungamanga futhi kuyahlambalaza.
Ihlaya likaNoah belimngcona ngodaba olusematheni lokuhalela izwe iGreenland kukaTrump.
Kulokhu, uNoah uthe ukufuna lelizwe kuzosiza uTrump nowayengumengameli waphambilini uBill Clinton babe nesiqhingi sangasese esisha. Lokhu kuzokwenza ukuze bakwazi ukuchitha isikhathi ndawonye njengoba singasekho esikamufi uJeffrey Epstein.
“Akulungile, angikwazi ukukhulumela uBill, kodwa angikaze ngiye e-Epstein Island, noma eduze,” kubhala uTrump, egcizelela ukuthi wayengakaze asolwe ngokuvakashela lesi siqhingi ngaphambili.
Uqhubeke wachaza uNoah njengomuntu “ompofu, odabukisayo, ongenamakhono”.
