EzemidlaloIzindaba

Belicokeme izinga kwi-Ilembe Mtelebhelo Festival

BELINYUKILE izinga kwi-Ilembe Mtelebhelo Festival ebidlise ngomjaho wamahhashi nomculo entabeni iKhenana edume ukusetshenziswa amakholwa ebandla lamaNazaretha adume ngoShembe.

Abahleli balomtelebhelo bebambisene nabaxhasi iHollywoodbets banyuse izinga kakhulu kulonyaka, njengoba imiklomelo ekhishiwe ibicela ku-R90 000.

Umtelebhelo omkhulu wosuku unqotshwe insizwa yaseZululand District uPlaza nobegibele ihhashi uShangane.

UPlaza kubikwe ukuthi ushiye umjaho wangakubo obukhona namuhla kodwa wazongenela owaseLembeni.

Ngaphezu kwemiklomelo kugqame nokuhleleka komcimbi kushiye izihambeli zibambe ongezantshi ngohlelo olusha oluthuthukile.

Lomjaho ubuhlukene izigaba ezinhlanu kanti umjaho wabesifazane abasebancane, obunesiteki sika-R17 000, udonse amehlo abaningi. Intokazi yaseMzinyathi uNokubonga nguye obe ingqwele

Kube nedili likamkhipheni ababehambele lo mcimbi bazitika ngomculo kunandisa oDJ Nzwiri, intokazi enezwi elimtoti uZinhle “Kasie Queen” Madela, omaskandi uMahostela bashukumisa inkundla.

Lomcimbi ubuhanjelwe nawu uSekela mphathiswa womnyango wezengqalasizinda nokusebenza koMnyango Wezokwakha Nokuthuthukiswa Kwengqalasizinda uSihle Zikalala.

Ebuzwa ngokuhambela lomcimbi ukubeka kwacaca ukuthi imidlalo enjenga lena kumele ixhaswe ngezimali ukuze ikhule izinga layo lifane naleyo eyenzeka kwezinye izindawo njengoDundee July.