Ezibuhlungu kubhuntsha umqhudelwano webhola
INDUMALO kubhuntsha umqhudelwano webhola iLasuka Lahlala eNanda ngenxa yokuntula uxhaso.
Lo mqhudelwano bekuhlelwe ukuthi ube ngePhasika leli ebelingempelasonto kodwa ngokungahambi kahle kwezinhlelo ugcine umiswa.
Lezi zindaba ezingehlanga kahle kwabaningi zivezwe ngomunye wabadidiyeli balo mqhudelwano uDumisani Mntungwa.
Uthe kubaphoqile ukuthi bawumise ngenxa yezinkinga zezoxhaso.Â
” Le midlalo ibukwa abalandeli ababalelwa ku-10 000 izinsuku ezine zilandelana futhi uheha ngisho izinhloli zamaqembu ePremiership nagijima esigabeni esingaphansi,” kusho uMntungwa.
Ngonyaka odlule le midlalo yazimaziswa isekela le-Orlando Pirates uMandla Ncikazi,okuthiwa wabhema wakholwa Izinga lokudlala.
Le midlalo isikhiqize abadlali okubalwa kubona uFezile Gcaba weDurban City oseke wabizwa ekhempini yeBafana Bafana, uLuyanda Khumalo (Richards Bay), uPhilane Khumalo, uMangcu Madonsela noThokozani Khumalo abasemabhukwini eLamontville Golden Arrows.
Kumanje abahleli bathandazela ukuthi lo mqhudelwano ungashabalali kodwa ukhule kakhulu futhi uhehe abaxhasi.

