I-IFP ifuna kuphenyisiswe ngokusocongwa kukaSotshwebhu wayo
I-IFP inxusa amaphoyisa ukuthi aphenyisise ngemuva kokuba iPhini likaSotswebhu laleli qembu lidutshulwe labulala ngempelasonto eKatlehong eGauteng.
UKhethamabala Sithole ubulawa abantu abangaziwa ngoMgqibelo ebusuku kanti noNobhala wesifundazwe u-Alco Ngobese naye walimala kulesi sigameko.
Okhulumela i-IFP kuzwelonke uMkhuleko Hlengwa uthe imininingwane ngokubulawa kukaSithole ayikatholakali kodwa babeke ithemba emaphoyiseni.
USithole ngomunye wabaholi abahlonishwa kakhulu nobekhuthele emsebenzini wakhe.
Ukudlula kwakhe emhlabeni kushaqe abaningi.
