Ilale ibaliwe indodana kaMugabe ngezinsolo ezimbi
KWEMBULWA kwembeswa kumsebenzi wasengadini okusolwa ukuthi udutshulwe yindodana yowangumengameli waseZimbabwe.
Umbiko weHarare News uveze ukuthi indodana kaRobert Mugabe ongasekho emhlabeni ikhalelwe amasongo kaSigonyela ngenxa yezinsolo zokudubula lo msebenzi wasengadini oneminyaka engu-23.
Ufakazi, owayeseduze nomuzi kaMugabe eHyde Park ngesikhathi sesigameko, uthi wezwa ukuqhuma kwezibhamu ezimbili nokwalandelwa umsindo wokukhala komuntu.
Lokhu kwenzeka ngaphambi kokuba omakhelwane nabantu abadlulayo babone isisulu sibaleka futhi iwela ekhoneni eliseduze.
Amaphoyisa abophe indodana kaMugabe kanye nomunye umuntu.
Isibhamu okukholakala ukuthi sisetshenziswe kulesi sehlakala asikatholakali okwamanje.
Ngokombiko weSABC, ofakazi, abangafuni ukudalulwa amagama, bathi lo msebenzi ubenenxeba lokudutshulwa ngemuva.
“Ngangishayela emgwaqeni ngase ngibona indoda igijima. Ngasola ukuthi bekukhona okungahambanga kahle njengokulwa. Kulapho saboa khoa ukuthi ulimele,” kusho ufakazi.
