Injabulo kushadelwa osanda kuxoshwa uKhozi FM
Ukuphelelwa umsebenzi oKhozini FM njengoba kwenziwe izinguquko ezishaqise abaningi njengoba kuqale unyaka omusha wemisakazo yakwa-SABC ngenyanga edlule, akumvimbanga uMhlonishwa “Mhlo” Sibisi ukuthi afeze usuku lwakhe olukhulu empilweni yakhe.
UMhlo, obethula ezemidlalo kuVuka Breakfast Show, ushadelwe uNomthi Mpanza kubo kwalo mlisa eGlebe eNanda ngomhla ka-25 kwephezulu.
Izithombe zomshado obuseqophelweni eliphezulu zifakwe ezinkundleni zokuxhumana umakoti omusha wakwaSibisi kanti ubongelwe abangani nezihlobo.
Umphathi wohlelo nokukholakala ukuthi nguye odlale indawo yokuba umfundisi uSipho “DJ Sgqemeza” Mbatha, axoshwe naye uMhlonishwa kulo msakazo wakwa-SABC.
Kuzokhumbuleka ukuthi kusale kukhala abaningi ngesikhathi izembe ligawula inqwaba yabasakazi abesebedonse isikhathi eside kulo msakazo ohamba phambili e-Afrika ngokuba nabalandeli ababalelwa ku-7,5 million.

