Isihluku kubulawa umfundi ngenxa yokudayisa uswidi
KUBATSHAZWA isihluku kugwazwa kubulawa umfundi ngabebefua akhokhe imali yokumvikela esikoleni iMenzi High School eMlazi.
Ngokwemibiko yamaphoyisa, lo mfundi obulelwe uhlaselwe kanye nabanye abafundi ababili abalimale kanzima.
INewsSA ibike ukuthi kunemithombo eveze ukuthi abafundi  bebedayisa lo swidi ngaphakathi esikoleni nokuyinto edale umsindo phakathi kwabo nalabo abadayisa ngaphandle kwesikole.
Kusolwa omunye walaba abadayisa ngaphandle ngokuphoqa abfundi ukuba bakhokhe imali yokubavikela uma befuna ukuqhubeka nokudayisa uswidi noma bayeke ukudayisa ngaphakathi esikoleni..
Kuthiwa abafundi benqabile ukukhokha le mali ebifunwa futhi bathi ngeke bayeke ukudayisa ngoba bakwenza ngaphakathi esikoleni sabo.
Lokhu kuholele ekutheni umsolwa abalandele abafundi ngokungena emagcekeni esikole abahlasele phambi kwanye abafundi.
Amaphoyisa aseMlazi avule icala lokubulala namacala amabili okuzama ukubulala.
I-ANCYL eThekwini Region igxeke lesi sehlakalo yanxusa ukuba ingalo yomthetho ilusukumele lolu daba yenze isiqiniseko sokuthi ubulungiswa buyenzeka.

