Ezomhlaba

ICanada isabisa ngokucisha ugesi e-USA

ZIYAQONGA izinsongo zokucima ugesi ezivela eCanada njengoba impi yezohwebo iya ngokuqonga.

Undunankulu wase-Ontario uDoug Ford usethumele umlayezo oshubile e-USA. Uthe: ” Uma i-USA iqhubeka nokusigixabeza ngentela engafanele, ngeke sipholise maseko sizomane siwucime nya ugesi”.

Ukusho lokho nje yingoba isifundazwe asengamele yiso esiphakela i-USA ugesi. Okwamanje uthe intela abazoyifaka kugesi abawuphakela i-USA izoba ngu-25% kodwa uma uTrump eqhubeka nokubaphilisa kanzima bazomane bawucime nya.

Uqhube wathi uyazwelana nabantu baze-USA futhi akathandi ukuthi kugcine kufike lapho bewucima khona ugesi.

Lesi sivumelwane sokuhwebelana ngogesi senziwa ngumengameli Donald Trump ngesikhathi ephethe kwihlandla lakhe lokuqala. Yize kunjalo kodwa kubukeka sengathi usekulibele lokho njengoba esola abanye ngaso.

Eziphendulela uTrump, uxwayise iCanada ngokuthi ike yawucima nje ugesi, izozisola. 

Esitatimendeni uthe umcabango nje weCanada wokuwucima ugesi ungase wenze bazisole ngesenzo sabo. Uthe angase abagixabeze ngentela abangasoze bayikhohlwa.

Kulezi zinsuku, iCanada ibukeka idinwe ithelwa ngamanzi ngenxa yezenzo zikaTrump. 

Kwenzeka lokhu nje, umphakathi waseCanada usemshikashikeni wokukhipha ezitolo yonke imikhiqizo evela e-USA. Sekusungulwe nemikhankaso eminingi egqugquzela ukuduba imikhiqizo evela e-USA. Lokhu sekuvule ithuba elikhulu lokuthuthukiswa osomabhizinisi bendawo nokuthengwa kwemikhiqizo evutshelwe ngaphakathi ezweni.