Izindaba

Ezibuhlungu kushona indodakazi kaMntwana uMangosuthu

Kushone uMntwana uSibuyiswe Angela Buthelezi, oyindodakazi yowayengumholi weNkatha Freedom Party (IFP) uMntwana uMangosuthu Buthelezi.

Ukudlula emhlabeni kukaMntwana uSibuyisiwe kuza ngemuva konyaka kushone uyise ngoSepthemba odlule. Wayeneminyaka engu-95.

Kuvela ukuthi iNkosazana yaKwaPhindangene ishonele esibhedlela saseKapa ezintatha zangoMsombuluko.

Inkosi yakwaButhelezi, uMntwana uNtuthukuyezwe Zuzifa Buthelezi uthe iNkosazana ingeniswe esibhedlela ngesonto eledlule.

“Kunobuhlungu obujulile ukuthi sazise isizwe ngalokhu kulahlekelwa. UNkosazane u-Angela, uthunjana kamufi uMntwana waKwaPhindangene, uMntwana uMangosuthu Buthelezi nongasekho undlunkulu u-Irene,uhambe kulo mhlaba kungalindelekile.

“Ubengeniswe esibhedlela ngesonto eledlule. Uke wagula eseKapa eyothamela umhlangano wePhalamende lapho asebenza khona njengeLungu lePhalamende likaZwelonke,” kusho uMntwana uZizifa.

UMntwana uZuzifa uthe yena nodadewabo bayizingane zokugcina ezisele zikaMntwana waKwaPhindangene phakathi kwezingane zakubo eziyisishiyagalombili.

“Ukulahlekelwa yiNkosazana u-Angela ngemva nje konyaka kudlule ubaba wethu kushaqisa kakhulu.”

UZuzifa uthe umndeni kulindeleke ukuthi ukhiphe imininingwane yomngcwabo wakhe ngasekupheleni kwaleli sonto.