OwaseGeorgedale ugwetshwe iminyaka ewu-18 ngelokubulala
IBHUNGU laseGeorgedale eHammarsdale ligwetshwe iminyaka engu-18 yiNkantolo yeMantshi eCamperdown ngecala lokubulala inkosi yakwaXimba.
UFortune Dlamini (29) uvume waphinde wagonyuluka ngakho konke akwaziyo ngokubulalwa kwenkosi uZibuse Mlaba.
UMlaba wadutshulwa wabulawa ngo-October 2021 eWareing’s Shopping Centre, ngaphandle kwehhovisi lakhe.
UMlaba wayephinda abe yiphini likasihlalo we-ANC eKZN ngesikhathi lowo owayengumengameli uJacob Zuma enguSihlalo.
Ngomlomo wommeli wakhe uMfuneko Jwili, uDlamini ukhombe emndenini kamufi ukuthi kunobhongoza ngalesi sigameko.
Uphinde waveza ukuthi ngalesi sehlo, yena nozakwabo bahlomula ngo-R130,000.
UJwili uthe kusukela ngesikhathi uDlamini eboshwa ngoSeptember 29, 2024, wavuma amacala ngokushesha wabe esesebenzisana namaphoyisa.
Ukugwetshwa kukaDlamini iminyaka engu-18 kwenze izinto zashesha njengoba ummeli wakhe ekuvezile ukuthi kwasekuqaleni akazange acucuze amoshe isikhathi sombuso.
Izolo, kuvele umfowabo kamufi enkantolo uDuncan Patrick Mzamo Mlaba (63) ozinikele emaphoyiseni. Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kuhlehliselwe u-April 14.
