Ezokokungcebeleka

OwePimville uphawula ngodaba lwemiholo

INKAKHA yomlingisi ophinde abe umqondisi uKagiso Modupe usephefumule okokuqala ngezinsolo ezisabalele zokungakhokheli abalingisi bomdlalo oqavile.


UModupe ungamele inkampani iBakwena Productions esolwa ngokungaholeli abalingisi bomdlalo wodumo iPimville.


Kwi-vidiyo ayinameke ku-X (obuwaziwa nglikaTwitter) uModupe uthe wasuswa ekubeni ngumkhiqizi omkhulu waba ngumqondisi omkhulu ngesikhathi iPimville isayina inkontileka yayo ne-SABC. 


Uthe udaba lwezimali ungumthwalo wesiteshi kanye nomkhiqizi omkhulu.

Ukugaholi kwabalingisi sekudale ukuthi bafuqe phansi umsebenzi.