Izindaba

Sekuphinde kwagadla ukufa kwiWest Gang

SELILALE amankeyana ilungu leqembu lemigulukudu ehlalise kabi umphakathi eMzomusha eNanda elaziwa ngeWest Gang.


Lezi zindaba zokubulawa kwaleli lungu zivele kusa namuhla ngoLwesithathu.


Ngokwemibiko esavele nengakaqinisekiswa kuthiwa lomlisa ubulewe ngokukholakala ukuthi bangamaphoyisa.


Ngokwemithombo, kuthiwa ukubulawa kwalomlisa kube ngemuva kokuthi kade efunelwa uxhaxha lwamacala abucayi.


Kulawo macala kuthiwa kukhona amayelana nokuphanga okuhlomile kanye nobugebengu obunobudlova.


Itholwe yi-Inanda SAPS Task Team kanye ne-SAT Enforcement icashe endlini enegumbi elilodwa eMzomusha.

Kusolwa ukuthi umsolwa uzame ukugadla kuqala ngokudubula amaphoyisa kodwa amsheshisa wendela koyisemkhulu.

Kutholakale isibhamu i-9mm.