Izindaba

Umbango wezingingila ugcine ukhiphe isidumbu

UMPHENYI wamacala ohlonishwayo ukhiphe isidumbu kubangwa izingingila zenkukhu.


U-Elias Moeketsi Pinkoane (osesithombeni) ongumseshi wase-Orange Farm uvele enkantolo yemantshi eSebokeng namuhla ebhekene necala lokubulala nelokuzama ukubulala.


Ngokusho kwamaphoyisa, lesi sehlakalo senzeke ekuseni ngeSonto  esitolo sokudla eduze kwe-BK Lifestyle Cafe eSebokeng. 


Ngesikhathi le ndawo isizovala, umsolwa nentombi yakhe bafika bezothenga izingingila, lapho bathola khona amadoda amathathu nawo ayelinde ukuthenga.

Kuthiwa kwaqubuka ingxabano ngemuva kokuthi omunye walaba besilisa efuna ukuthenga zonke izingingila azazisesele.


Amaphoyisa athi uPinkoane, owayengekho emsebenzini ngaleso sikhathi, waya emotweni yomsebenzi, wakhipha isibhamu sakhe somsebenzi, wavulela ngenhlamvu emadodeni amathathu ngaphambi kokuba ashaye achithe. 


Omunye walamadoda ayezisulu waphuthunyiswa esibhedlela  kwathi omunye wabaleka.


UPinkoane waboshwa esesekhaya lakhe wathweswa icala lokubulala nokuzama ukubulala.