Ezimnandi ngohlelo lukaPapa Penny
SEKUSABALELE izindaba zokuthi intandokazi yomculi nosopolitiki waseGiyani eLimpopo ikhuza ibuya kuthelevishini.
UPapa Penny wodumo lohlelo olungempilo yakhe nomndeni wakhe, iPapa Penny Ahee ebidlala kuMzansi Magic luyabuya.
Ngokwamahlebezi asezinkundleni zokuxhumana okubalwa kuzona uTikTok no-X, sekuqaliwe ukuqoshwa.
Lokhu kuhlale obala kuvela amanqampu nqampu okwenzekayo njengamanje ku-Tik Tok wakhe uPapa Penny.
Okwenza kube naleli sasasa wukuthi umndeni walesi silomo ikakhulukazi uMama Nomi, uhlezi unamahlaya kanti abazenzi into abangasiyona.
