Isihluku isoka ‘libulala’ intombi phambi kwengane
UMPHAKATHI ubabaza isihluku isoka ‘libulala’ intombi phambi kwengane namuhla ekuseni eCornubia Flats eThekwini.
Owesifazane oneminyaka engu-43 ubudala ubulewe phambi kwendodana yakhe eneminyaka engu-12 kanti kusolwa isoka ngalesi senzo.
AbeReaction Unit South Africa (RUSA) babizwe ngemuva kokubonakala kwesidumbu sowesifazane ngaphandle kweflethi phambi komnyango.
Umbiko weRusa uthi ingane isole isoka likanina ngokushaya nokumklinya ngemuva kwengxabano ekuseni ngabo-05:00 ekuseni.
Ingane ayazanga ukuqinisekisa ukuthi yini eholele engxabanweni.
Umsolwa ubanjwe edakwe kanti kubonakale igazi ehembeni lakhe.
Ngokusho kwengane, umsolwa ubekwejwayele ukushaya umufi.

