Kuvele igama lomyeni womsakazi kwiKhomishini kaMadlanga
IGAMA likamyeni womsakazi weMetro FM livele kwiKhomishini kaMadlanga namuhla.
UThami Ndlala ongumyeni kaLerato Kganyago livele ngesikhathi ufakazi ethula ubufakazi obuthinta umhlangano owabanjelwa endaweni yomtakabani iHillel Villa & Spa.
Ufakazi uveze ukuthi wathola isimemo sivela kumngani wakhe esasivela kuThami Ndlala.
Le ndawo okwahlanganelwa kuyona ngekaLerato nomyeni wakhe.
Ufakazi uthe wamangala uma efica kukhona uMajor-General Shibiri nabanye osigaxamabhande basemaphoyiseni.
Uthe wasola ukuthi isimemo sasiyindlela yokuyindlela yokulutha yena nozakwabo ukuba basebenzisane nabo ebugebengwini.
