EzokokungcebelekaIzindaba

Umzumbe Maskandi Festival uhloniphe izingwazi ngezipho

KUHLONISHWE izilomo zikamaskandi ngezipho zemidwebo yezithombe ku-Umzumbe Maskandi Festival obubanjelwe eSibanini Sports Ground eNyangwini eMthwalume ngoLwesibili.

Umsunguli womcimbi u-Amanda Eve Mseleku uhloniphe esiteji uMjolisi wodumo lwengoma ethi “My Dululu” noShenge waseHlalankosi odume ngokupikwa kakhulu.

Uthe baqome ukuhlonipha uMjolisi ngalolu suku lokugujwa kweYouth Day ngoba bambona eyisibonelo entsheni njengoba esanda kugogoda ngeziqu zeBachelor of Social Science azithole e-University of KwaZulu-Natal (UKZN kanti akamile njengoba esephusha eze-psychology.

U-Amanda, owahlabana ngendondo yeBusinesswoman of the Year kuma-The Next Billionaire Business Awards 2025, ubonge abaxhasi nezinkumbi ezihambele lo mcimbi abeqala ukuwuhlela. Uthe yize kubekhona izingqinamba ngesikhathi somcimbi, wethembisa ukubuya ngolunye unyawo ngokuzayo.

“Okuhle ngalo mcimbi ukuthi ifezekile injongo yethu yokuthuthukisa amakhono amaciko asendaweni njengoba amanye ekwazile ukusina adedelane namaqhawe awo.

” Okunye esikujabulelile ukuthi osomabhizinisi abancane basendaweni kukhona abahlomulile ngakho njengalabo abadayisa ukudla okusheshayo emasangweni, abadayisa oshisanyama nabanikazi bezindawo zokulala,” kusho u-Amanda.

Abahambele lo mcimbi bajatshuliswe ukubona bukhoma Inkosi YamaGcokama, Khuzani, Bahubhe, Mjolisi, Menzi, Ntencane, Feza, Nkeshemba, Mafikizolo, Ithwasa Lekhansela, Izothamlilo, Sjumbulu , Somatekisi.

Ngaphandle kokuzitika ngomculo abahambele lo mcimbi bazitike ngesithebe sodumo esinenyama eshisiwe nojeqe owehla esiphundu.