I-FIFA isiqinisekise isijeziso somdlali weBafana
IQEMBU lesizwe lakuleli iBafana Bafana seliphinde lagqemeka udume lwengozi njengoba iFIFA isiqinisekisile ukumiswa komdlali wasesiswini imidlalo emithathu ilandelana.
UThemba Zwane ,uzithola ekulolu taku nje kulandela ukunikwa isijeziso sekhadi elibomvu ngesikhathi iBafana idlala neMexico eMexico City Stadium ngoJune 11 koweNdebe Yomhlaba.
IKomidi Lokuqondisa Izigwegwe leFIFA linqume ukuthi lo mdlali wasesiswini wephule i-Article 14 isigaba 1(e) seKhodi Yokuqondisa Izigwegwe yeFIFA .
Lesi sinqumo sisho ukuthi uZwane uzophuthelwa umdlalo obalulekile weqembu laseNingizimu Afrika neCzechia kanye nemidlalo esele yeqembu ehleliwe, okubangela isijeziso esikhulu kumqeqeshi uHugo Broos nethimba lakhe lobuchwepheshe.
Ukumiswa kuza ngesikhathi esibi kakhulu kuBafana Bafana, esevele ingaphansi kwengcindezi ngemuva kokunqotshwa yiMexico ngo 2-0 emdlalweni wayo wokuqala.

