U-LaConco uzodedela izigaxa ngothando lwakhe noJacob Zuma
ISILOMO sohlelo iReal Housewives of Durban, u-LaConco sizovula isifuba ngothando nangeminye imininingwane phakathi kwakhe nowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
ULaConco uzokwenza lokhu esiqeshini sokuqala azosethula ngoLwesihlanu kwiYoutube Channel yakhe iTimeline With LaConco.
Amazwibela alolu hlelo aseqalile ukuvela njengoba esalukhangisa kanti abukeka amukelwa kahle.
Phakathi kwezinto avela ezinthinta kuwona amazwibela, uveza ukuthi uthando lwakhe noNxamalala kade lwaphela kusele inhlonipho kuphela ngoba unguyise wendodana yabo uSakhumuzi.
Uqhuba athi okunye okumenza amhloniphe yingoba wakwazi ukuthi amkhombise uthando lweqiniso.
Nakuba kuzoba yisiqephu sokuqala kodwa kubukeka sizoheha amehlo amaningi ngenxa yokuthi ziningi izigaxa ezilindeleke kuyena.
Ngokusho kwakhe, kuningi osekushiwo ngaye kodwa manje uzogonyuluka akhulume konke okuthinta ngaye nokuyiqiniso.
Ngaphandle kokuba kwiReal Housewives of Durban, uke wethula uhlelo i-Our Perfect Wedding ne-Ingane Yam.
FUNDA NALANA:Â Uyaphenywa oweBig Brother oxine indoda yomuntu
Nyakenye, u-LaConco unqobe indondo yeSouth African Film and Television Award (Safta) ngeForever Thina.Â
