Izindaba

UMsweli nezinsolo ezishaqisayo zokufa komsebenzi

INHLANGANO engenzi nzuzo ka-Ayanda Msweli isizwakalise ukushaqeka ngezinsolo ezibhekise kubaphathi bakwaPick Pay eManzimtoti.


Isitatimende esikhishwe yi-Ayanda Msweli Foundation sidalule ukuthi kulesi sitolo kushone umsebenzi wakhona namuhla ntambama.


Kulesi sigameko esishaqisile, kubikwa ukuthi  abaphathi bakhombise ukungabi nandaba njengoba umsebenzi uqhubeke njengenjwayelo.


Isehlakalo sokushona komsebenzi kuvezwa ukuthi senzeke namuhla ngabo-2:30 ntambama.


Kulapho umsebenzi wesifazane ongowokufika kuleli, eshayeke phansi washona.


Lo msebenzi ubengomunye wabashaya isisefo semali.Isitatimende sisola abaphathi besitolo ngokungashayi ndiva okwenzekile. 


I-Ayanda Msweli Foundation ithi, ngemuva kokushayeka phansi kwalo msebenzi, abaphathi bakhombise ukungazwelani kuthiwa kuvalwe leso sisefo kwalindwa abamakhaza ukuzolanda isidumbu sikamuva.


Kuthiwa isidumbu sihlale isikhathi eside saze salandwa ngabo-5:30.


Abasebenzi bebelokhu besebenze njalo, nakuba bebeshaqekile, kusho isitatimende. 


Sisole abaphathi ngokungabacabangeli abasebenzi nabathengi abaqhamuka ezinkolweni ezingefani uma kuthintwa ukudlula komuntu emhlabeni.

Kulotshwe la abakulesi sitolo bengakaziphenduleli kulezi zinsolo.